Back to search

University of Zululand

Ucwaningo olunzulu ngobudlelwano phakathi kwamadlozi nenkolo yobuNazaretha

Abstract

dc:description.abstract

Kuthe ngokuntuleka kwemibhalo esitshela kabanzi ngamadlozi kanye nenkolo yobuNaza!etha, ngabona kudingekile ukuba kushicilelwe okuphathekayo nalokhu. Loko kuyonciphisa ukudide}{a okukhulu okukhungethe isizwe esimpisholo. Hleze bayophela abantu abathi kule nkolo kukhonzwa amadlozi. Hleze kuyophela nokuthi umuntu ongasekho emhlabeniumoya omubi, akanamsebenzi walutho. Okubalulekile okumele kuhlale kuzinze ezingqondweni zethu, ukuthi akekho namunye umuntu owavele waqhuma etsheni, nowaqhibuka esidulini. Ilowo nalowo unabo abazali abamlethe kuleli lengabade. Bamnika uthando, bamkhulisa waze waba yilokhu ayikhona. Umuntu okwenzele okukhulu nokuhle kangaka, ungaqaIa ngaphi umlibale? Yikhona loku okuyivuso kithina ukuba sibakhumbule, njengoba bekhunjuIwa nakwezinye izinkolo zezinye izizwe. Akulula ukukuIibala,.nokubalibala ngisho sebemathambo amhIophe".

Author and committee

dc:creator, dc:contributor.*
Author dc:creator
  • Duma, Bonisiwe M
Advisor dc:contributor.advisor
  • Khumalo, Z.L.M.

Subjects

dc:subject × 2

Rights

dc:rights

Chain of custody

source
Harvested from
University of Zululand
Base URL
uzspace.unizulu.ac.za/server/oai/request
Last updated
2026-07-24
Source record
OAI-PMH GetRecord
citation

Duma, Bonisiwe M. Ucwaningo olunzulu ngobudlelwano phakathi kwamadlozi nenkolo yobuNazaretha. 1997.