University of Zululand
Ukusetshenziswa kwesu elingajwayelekile lokubhala emanovelini ka-N.G. Sibiya azihloko ezithi ‘Bengithi lizokuna’ nethi ‘Kuxolelwa abanjani’
Abstract
dc:description.abstractLolu cwaningo lucubungula isu lokubhala (style) elingajwayelekile emanovelini amabili kaSibiya aqokiwe. Kulolu cwaningo sigxile kakhulu ezinsikeni ezine zokubhala uSibiya azisebenzisile. Sikhethe uSibiya ngoba kuqapheleka ukuthi uvamise ukubhala ngezindikimba ezintsha, okungakabhalwa ngazo kakhulu. Lo msebenzi wehlukaniswe izahluko eziyisithupha. ISAHLUKO SOKUQALA: Lesi sahluko sethula ucwaningo okuthinta lokho okuzocutshungulwa kulolu cwaningo, ubumqoka kanye nemiklamo yalo. Kugxilwe kabanzi nasemlandweni ngempilo kaSibiya. ISAHLUKO SESIBILI: Lesi sahluko sicubungula imibono yongoti asebeke babhala kabanzi ngokuhlobene nale ngqikithi yocwaningo, okuyisu lokubhala. Lesi sahluko sihlukaniseke izingxenye ezimbili. Ingxenye yokuqala igxile emibonweni yongoti eyahlukene ngesu lokubhala. Ingxenye yesibili sizobheka imibono yongoti ehlukene ngezinsika ezine zesu lokubhala. ISAHLUKO SESITHATHU: Kulesi sahluko ucwaningo lugxile ohlakeni lwezinsizakuhlaziya nezindlela zokwenza ucwaningo. ISAHLUKO SESINE: Lesi sahluko siphendula imibuzongqangi umcwaningi akholwa ukuthi yikho okuzoba yinkombangqangi yokuthi ucwaningo luyasondela yini noma luyaqhela kulokho obeluzibekele ukukuphendula ngokufaka izinsika ezine zesu lokubhala. Imibuzongqangi yalolu cwaningo ilena: Imaphi amaphuzu agqamile esu lokubhala likaSibiya, futhi kungani ewaveza ngendlela awaveza ngayo? USibiya ulihlanganisa kanjani isu (nezinsika zalo) emanovelini akhe? v Uyaphumelela yini uSibiya ngokusebenzisa isu lakhe lokubhala (nezinsika zalo)? ISAHLUKO SESIHLANU: Kulesi sahluko uwaningo lugxile kakhulu ezinsikeni ezimbili eyokuxoxa nokunxenxa. Luphinde lubheke ukuthi uSibiya uzisebenzise kanjani lezi zinsika zokubhala. ISAHLUKO SESITHUPHA: Lesi sahluko sehlulela mayelana nalokho okuzuzwe ucwaningo. Ikakhulu lesi sahluko siphendula umbuzo omayelana nokuthi: ‘Uyaphumelela yini uSibiya ekusebenziseni isu lakhe lokubhala nezinsika zalo?’ Lesi sahluko siqala ngokuhlela nokubheka okuzuzwe ucwaningo, siphinde sithinte iziphakamiso zocwaningo nesiphetho.
Degree
thesis:*- Grantor dc:publisher.institution
- University of Zululand
- Year dc:date.issued
- 2020
Author and committee
dc:creator, dc:contributor.*- Author dc:creator
-
- Ntuli, Felicity Thulisile