University of Zululand
Ucwaningo olunzulu ngokuqanjwa kwamagama ezigodi KwaZulu-Natal endaweni yaseMlalazi, KwesakwaMpungose
Abstract
dc:description.abstractUmhlaba uwonke unezindawo ezinamagama ezaziwa ngazo, kanjalo nezigodi zinamagama umphakathi waqamba unganakile ukuthi usebesebenzisa ubuhlakani. La magama ezigodi aqanjwe elandela ubuchule obabungafundelwe phansi. Lobu buchule besekwa nawumlando wamagama uqobo. Lobu buchule ekuqanjweni kwamagama kwalo mphakathi ngokuhamba kwesikhathi yibona ovikela ukushabalala komlando, ukudidaniswa kwamagama ezigodi zawo, imibango nokuphikisana ngala magama okungahamba kuvele. Isahluko sokuqala siqukethe konke umcwaningi ahlose ukukwenza ocwaningweni lwakhe olumayelana nokuqanjwa kwamagama ezigodi zakwaMpungose endaweni yaseMlalazi. Umcwaningi kulesi sahluko ubeke kabanzi ngomlando wozalo lwakwaMpungose, izinhloso zokwenziwa kocwaningo, ukubaluleka kokwenziwa kocwaningo, imibono yababhali nenjulalwazi mayelana nokuqanjwa kwamagama ezindawo kanye nentshisekelo yokuqalwa kwalolu cwaningo. Ubuye waphawula ngalabo abayohlomula ngobukhona balolu cwaningo.
Degree
thesis:*- Grantor dc:publisher.institution
- University of Zululand
- Year dc:date.issued
- 2012
Author and committee
dc:creator, dc:contributor.*- Author dc:creator
-
- Khuzwayo, Pertunia Happy
- Advisor dc:contributor.advisor
-
- Khumalo, Z.L.M.