Abstract
dc:description.abstractIzinhloso zalolu cwaningo ukulekelela isizwe sakithi singalahlekelwa ubuntu nobuzwe baso. Ukukhuthaza isizukulwane esisha ukuba sazi, kumbe sizimbandakanye namasiko esintu. Lolu cwaningo luzoqwashisa abantu abaningi asebalahla amadlozi akubo Ucwaningo luzophawula ngokungahlonipheki nokungagcineki kwedlozi ngernfanelo. Ucwaningo luhlose ukuvimbela isejwayezi esibi sokuthatha imikhuba noma amasiko ezinye izizwe. awesintu abeseshabalala unomphela. Kulolu cwaningo kuzothintwa imicimbi ethile. nezenzeko zokuthetha idlozi ngokukhuluma noma ngokwenza ungakhulumanga. Ucwaningo luhlose ukuveza ubuciko bomlomo isintu esinabo kwizizukulwane ngezizukulwane. Ucwaningo luzoqhakambisa ukuphathwa nokukhuseleka kwethu ngabakwelingafelwa. nkonyane. Kuyisiko elibalulekile kithina maZulu ukuthethwa kwedlozi. Amadlozi siyawakhumbula siwahloniphe ngoba aphathelene nabaphansi. Kufanele kucace, kumbe kubesobala ukuthi sikhuluma nabakithi asebekwelingafelwa nkonyane . Umlando wempilo uzothinta uzalo lonkana, kuze kufike kokhulukhulwane. Ukukhula, ukuziphatha. nempilo yentombazane nomfana ekhaya kuxhomekeke ezinyanyeni zekhaya kusukela ebunganeni baze bayokwenda, noma bendelwe. Isigaba nesinyathelo abasithathayo ekukhuleni kwabo sibikwa emadlozini ngoba kuyiwona abasingethe kulo lonke uchungechunge lwezigaba abadlula kuzona.
Degree
thesis:*- Grantor dc:publisher.institution
- University of Zululand
- Year dc:date.issued
- 1997
Author and committee
dc:creator, dc:contributor.*- Author dc:creator
-
- Makhanya, Ntokozo Favourite
- Advisor dc:contributor.advisor
-
- Khumalo, L.Z.M.