Back to results

University of Zululand

Ucwaningo ngemithelela yezilimi ezimbili: isiSwazi nesiNdebele ezinganeni ezifunda isiZulu esifundazweni saseMpumalanga

Abstract

dc:description.abstract

Lezi zilimi okuyisiSwazi nesiNdebele zidala izingqinamba endleleni amagama esiZulu aphinyiswa, abhalwa kanye nafundwa ngayo. Lokhu kudala umonakalo olimini lwesiZulu. Izingane ezifunda isiZulu eSifundazweni saseMpumalanga zizithola zibhekene nenkinga yokungaqondisisi into eziyifundayo, eziyikhulumayo kanye naleyo eziyibhalayo. Indlela othisha abaqeqeshwa ngayo kanye nabafundisa ngayo inomthelela endleleni abafundi abafunda ngayo ulimi lwesiZulu. Okunye okuyimbangela yokulimala kolimi lwesiZulu ukuganiselana, ukufuduka, imingcele ehlukanisa imiphakathi, imisakazo elalelwa imiphakathi, izinkulumo zaMakhosi kanye nabaholi. Abazali banegalelo ekubhebhezeleni umthelela odalwa ulimi lwesiSwazi nesiNdebele ezinganeni ezifunda isiZulu ezikoleni zaseSifundazweni saseMpumalanga. Abazali abazikhuthazi futhi abaziseki ngokwanele izingane zabo ezifunda isiZulu njengoba benza kwezinye izifundo. Lokhu kudala ukuthi ulimi lwesiZulu lungavikeleki emthelelweni edalwa ulimi lwesiSwazi kanye nesiNdebele. Izingane ezifunda isiZulu ezikoleni zaseSifundazweni saseMpumalanga zibhekana nezingqinamba ngenxa yomphakathi eziphila phakathi kwawo. Umphakathi eziphila phakathi kwawo ukhuluma ulimi olungaba isiSwazi noma isiNdebele. Ulimi lwesiZulu lusebenza njengolimi lwasesikoleni, emphakathini kuvame isiSwazi nesiNdebele. Imitapo yolwazi etholakala emphakathini waseSifundazweni saseMpumalanga unezincwadi ezimbalwa ezibhalwe ngolimi lwesiZulu. Izincwadi eziningi ezitholakalayo ezolimi lwesiSwazi nesiNdebele. Ukwanda kwemijondolo emphakathini kuholela enkingeni yokuphuka kolimi ngenxa yokwanda kwabantu abaqhamuka ezingxenyeni ezahlukene zezwe. Bambalwa othisha abafunde bagogoda ulimi lwesiZulu abangumnsinsi wokuzimilela eSifundazweni saseMpumalanga. Iningi lo thisha livela eSifundazweni sakwaZulu- Natal, liyaye liphindele emuva uma ithuba livela. Izikhungo lapho kuqeqeshwa othisha abafundisa isiZulu azikho eSifundazweni saseMpumalanga. Kuncane ukusekwa okutholwa othisha besiZulu kuBaphathi bezikole. Izimali ezitholwa uMnyango wesiZulu zincane uma ziqhathaniswa neminye iminyango ezikoleni. Othisha besiZulu bafundisa amakilasi anezingane eziningi. Lokhu kudala ukuthi babhekane nomsebenzi onzima, bangakwazi ukwelekelela abafundi ngendlela efanele. Izinga okuphumelela ngalo abafundi besiZulu liphansi uma liqhathaniswa nalelo okuphumelela ngalo abafundi abafunda ulimi lwesiSwazi nesiNdebele eSifundazweni saseMpumalanga. Abafundi abazinikeli ngokusemandleni abo ukuze bahlangabezane nemizamo yawothisha. Abafundi kumele baziqhenye ngolimi lwesiZulu, lokho kuyodala ukuba ezinye izilimi zingabi nomthelela ongemuhle ekufundeni kwabo.

Degree

thesis:*
Grantor dc:publisher.institution
University of Zululand
Year dc:date.issued
2010

Author and committee

dc:creator, dc:contributor.*
Author dc:creator
  • Ngwenya, Emmanuel Themba
Advisor dc:contributor.advisor
  • Khumalo, Z.L.M.

Subjects

dc:subject × 1

Rights

dc:rights

Chain of custody

source
Harvested from
University of Zululand
Base URL
uzspace.unizulu.ac.za/server/oai/request
Last updated
2026-07-24
Source record
OAI-PMH GetRecord
citation

Ngwenya, Emmanuel Themba. Ucwaningo ngemithelela yezilimi ezimbili: isiSwazi nesiNdebele ezinganeni ezifunda isiZulu esifundazweni saseMpumalanga. University of Zululand, 2010.