Back to search

University of Zululand

Ucwaningo olunzulu ngemigubho yamanazaretha kugxilwe emkhosini weNhlalisuthi noJamengweni

Abstract

dc:description.abstract

Lona ngumsebenzi wocwaningo oluhlelwe ngokwezahluko eziyisihlanu. Ucwaningo olwenziwe kulo msebenzi lumayelana nemigubho egujwa ebandleni lamaNazaretha, lugxile emigubheni yeNhlalisuthi noJamengweni. Isahluko sokuqala sethula ucwaningo jikelele ngokucwaningisisa izinjongo zocwaningo, intshisekelo / inkuthazo yocwaningo, indlela yokuqhuba ucwaningo, imidiyo / imiklamo yocwaningo, abazohlomula kulolu cwaningo kanye nezingqinamba ucwaningo olungase luhlangabezane nazo. Isahluko sesibili sethula izinsizakuhlaziya ucwaningo oluzohamba phezu kwazo. Izinsizakuhlaziya zizosiza ucwaningo ukuthi lungantengantengi kodwa luhambe phezu kwesisekelo esisekelwe izinsizakuhlaziya. Isahluko sesithathu sethula imvunulo yezinhla zonke zaleli bandla. Kuqalwe ngemvunulo yeNhlalisuthi yabekwa yalamaniswa ngononina nangesinono sekati. Kulandela imvunulo yezinzalabantu nayo ibekwe yalanyaniswa ngononina. Eyezintombi nayo ibe isilandela yabekwa nayo futhi ngononina. Ekugcineni kube sekulandela eyezinsizwa. Ezinsizweni kuqalwe ngesikotshi esibomvu kwagcina esimnyama. Izithombe zemvunulo yonke ngokwezinhla ifakwe ocwaningweni ukulekelela abangayazi ngamehlo enyama ukuba bayibone ezithombeni ocwaningweni. Konke lokhu kuhambisana nenjula yaleyo naleyo mvunulo ngokwebandla nesintu jikelele. Isahluko sesine sethula imigidi isisesigcawini. Lesi sahluko sibuye sithaphuze imithetho okumele ilandelwe uma ilunga lizozibandakanya emgidini. Imithetho ibekwe ngokwezinhla zaleli bandla. Kuqale imithetho yeNhlalisuthi, kwalandela eyoJamengweni, kwalandela eyezintombi kwagcina izinsizwa. Kubalulekile ukuthi ilungu nelungu lizibophezele ekugcineni le mithetho futhi liyigcine ukuze libe yingxenye yaleso naleso sigaba nokwenza kwaso. Isahluko sesihlanu simayelana nokuhlaziya nokuphothulwa kocwaningo. Siphethe izincomo nokusonga jikelele kocwaningo. Lesi sahluko sibophe saqinisa onke amafindo abesele elenga ocwaningweni sawabopha athula athi du.

Degree

thesis:*
Grantor dc:publisher.institution
University of Zululand
Year dc:date.issued
2010

Author and committee

dc:creator, dc:contributor.*
Author dc:creator
  • Mnqayi, Joyce Khanyisiwe
Advisor dc:contributor.advisor
  • Khumalo, Z.L.M.

Subjects

dc:subject × 2

Rights

dc:rights

Chain of custody

source
Harvested from
University of Zululand
Base URL
uzspace.unizulu.ac.za/server/oai/request
Last updated
2026-07-24
Source record
OAI-PMH GetRecord
citation

Mnqayi, Joyce Khanyisiwe. Ucwaningo olunzulu ngemigubho yamanazaretha kugxilwe emkhosini weNhlalisuthi noJamengweni. University of Zululand, 2010.